Lompat ke konten Lompat ke sidebar Lompat ke footer

Izaga lezitsho Part 3









Eziphathelene nemindeni



Impi yomndeni ayingenwa: Nxa kuxabana umndeni buyela eceleni ngoba bazobuye bathelelane amanzi babuye baphendukele wena.



Umndeni kawufakani mbedu: Umndeni uvama ukuhlala ngokuxabana



Impi isesendeni: Baxabene bona abomndeni



Umlando woniwa ngabalandakazi: Yibo abozalo abona icala lomndeni.



Amalima onke ahlanganyelwa yisindeni: Kushiwo ngumzali lapho abantu bakhe sebemsiza.



Ukuzala ukuzelula: Kushiwo ngumzali lapho abantu bakhe sebemsiza.



Ukuzala ukuzilungelela: Kushiwo ngumzali lapho abantu bakhe sebemsiza.



Ukuzala ukwanda ngamazwane: Kushiwo ngumzali lapho abantu bakhe sebemsiza.



Inkonyane yenye iyayiqhubusha eyayo iyayikhotha: Umuntu uye athande abakhe abantwana angabathandisisi abantwana babanye abantu



Imbuzi ilele phezu kwezinyanya: Umzali uvikela umntanakhe.



Intandane enhle ikhothwa ngunina: Kungcono umntwana oyintandane asale nonina kunokuba asale noyise ngoba unina unothando olujulile kunolukayise futhi ukwazi kangcono ukubheka abantwana.



Inkonyane enhle ikhothwa ngunina: Kungcono umntwana oyintandane asale nonina kunokuba asale noyise ngoba unina unothando olujulile kunolukayise futhi ukwazi kangcono ukubheka abantwana.



Unina ngunina maZulu: Akekho umuntu ofana nonina uyakuthanda, akukhathalele, akwenzele konke okudingayo njengengane yakhe.



Ingane igaba ngonina: Ngesinye isikhathi umntwane uyachwenswa ngoba ethembe unina.



Imamba ichoboza amaqanda ayo: Abantwana basizwa ngabazali babo.



Akunyathi yahlulwa yithole: Akukho mzali owehlulwa ngumntwana wakhe.



Akunyathi yaphika nethole: Umuntu osekhulile akasenawo amandla alingana nawabancane.



Akukho silima sindlebende kwabo: Noma umuntu angaze abenjani uyathandwa kubo, izici zomuntu azibonwa kubo.



Ingwe ikhotha amabala ayo amhlophe namnyama: Umuntu kufanele aphathe ngokufanayo bonke abantu bakhe.



Akudlozi lingayi ekhaya: Uma selenziwe isiko lokubuyisa idlozi, liyabuya lizobheka umuzi. Ngoba noma lithukuthele kalidukeli kweminye imizi.



Akudlozi laya endlini layeka kwabo: Abantu abazishiyi izihlobo zabo njengoba nedlozi kaliyi kwabanye liphindela kwabo.

Posting Komentar untuk "Izaga lezitsho Part 3"